Yini inhlangano yabasebenzisi bamanzi (WUA)?
I-WUA inhlangano esemthethweni eyenziwe nguNgqongqoshe ngaphansi koMthetho Wamanzi Kazwelonke. I-WUA inhlangano yabantu abasebenzisa amanzi ngabanye ababambisene abafuna ukwenza imisebenzi ephathelene namanzi ukuze basizakale bubilini. Ikomiti eliphethe yilona eliphethe i-WUA.
Inhloso ye-WUA ukwenza ukuthi abantu emiphakathini bakwazi ukuhlanganisa ndawonye izinsizasidingo zabo (imali, abantu kanye nobuchwepheshe) ukuthi benze ngempumelelo imisebenzi ephathelene namanzi. Nge-WUA amalungu angasizakala ekubhekeleni izidingo zendawo kanye nalokho okuphambili ohlwini.
I-WUA isebenza ezingeni lendawo elinomngcele. I-WUA ingahlinzeka ngendlela okungasetshenziswa ngayo isu lokuphatha izizalo zemifula ezingeni lasekhaya. Ama-WUA aneqhaza elibalulekile okufanele alibambe ekuqedeni indlala nasekuhlinzekeni ngokuvikeleka kokudla.
I-WUA iyinhlangano esemthethweni futhi inamandla omuntu wangempela onamandla agcwele, ngaphandle kwalawo mandla, anganikezwa kuphela umuntu wangempela noma angahambelani noMthetho Wezamanzi Kazwelonke. Lokhu kusho ukuthi i-WUA ingenza zonke izinto ezingenziwa umuntu ngamunye, njengokuvula i-akhawunti yasebhange, ukwenza izivumelwano zokusayina izinkontilaki nabaletha impahla nababoleka izimali. I-WUA ingamangalela ihlawulise noma imangalelwe ihlawuliswe enye inhlangano.
Umthetho Wamanzi Kazwelonke kanye nomthethosisekelo we-WUA kulawula ukuphathwa kanye nokusebenza kwenhlangano.
Umthetho uhlinzeka ngokwenziwa kwama-WUA kunoma yisiphi isimo sokusetshenziswa kwamanzi njengoba kuchazwe eMthethweni. Kodwa-ke zimbili izinhlobo zama-WUA ezingenziwa, i-WUA yenhlangano kanye ne-WUA yezinhlangano eziningi.
I-WUA esezinhlanganweni eziningi yenza lokho okufunwa futhi yenze egameni lenhlanganisela yabasebenzisi bamanzi abehlukene, njengokongiwa, ezamahlathi, ezezimayini kanye nezokunisela ndawonye.
I-WUA yenziwa uNgqongqoshe ngokwezinqubo ezishiwo uMthetho Wamanzi Kazwelonke.
Ungqongqoshe angathanda ukwehlisela umsebenzi, ukunakekelwa kanye nokulawulwa kohlelo lukahulumeni emphakathini wendawo. Lokhu kunokwenzeka uma ngabe uhlelo belwakhelwe ukusiza umphakathi lowo futhi lungaphathwa ngempumelelo i-WUA efanele.
Ungqongqoshe angafisa ukweseka imizamo yeminye iminyango kaHulumeni ngokuzinzisa abalimi abasafufusa noma ngokuthuthukisa amaphrojekthi okulima kokuziphilisa.
Lapho kunentuthuko engahlanganyelwe khona, uNgqongqoshe anganquma ukwenza ukuthi i-WUA isebenze njengendlela yokulawula engcono futhi kugwenywe ingxabano enokwenzeka.
I-WUA yenziwa emva kokubonisana nomphakathi.
Uma uNgqongqoshe ebonisana nomphakathi, izindleko zalokho kubonisana zingabuyiswa uma i-WUA seyenziwe.
I-WUA eyenzelwa inhloso ethile ngokuvamile iyokwenziwa emva kokwenziwa kwesiphakamiso kungqongqoshe yilabo abayifunayo.
Ungqongqoshe kungenzeka adinge ukuthi umuntu noma inhlangano balethe isiphakamiso ukuze kukhokhwe izindleko zokubonisana nomphakathi ngaphambi kwesikhathi.
Noma yiluphi uhlobo noma iqembu labasebenzisi bamanzi lungaletha isiphakamiso kungqongqoshe ukuze kwenziwe i-WUA.
UMqondisi Jikelele woMnyango Wamanzi Namahlathi angabasiza abasebenzisi bamanzi ngokubhala isiphakamiso.
Yini okufanele ishiwo esiphakamisweni?
Incazelo yokuthi yikuphi ukubonisana osekwenzekile ukuze kwenziwe isiphakamiso kanye nomphumela wokubonisana.
Yikuphi ukubonisana osekwenzekile Kwakuyini umphumela?
Ungqongqoshe uzokugunyaza nini ukwenziwa kwama-WUA?
UNgqongqoshe uzokuvuma ukwenziwa kwe-WUA uma kungukuthi ikhuthaza izinhloso ezibekwe ngaphansi Kwenhloso Yomthetho Wamanzi kazwelonke.
Nokuvikela indawo yezinto eziphila emanzini.
Isiphakamiso sokwenza i-WUA kufanele ihambelane neSu Lokuphathwa Kwezizalo Zemifula le-CMA.
Olunye lwezindaba okufanele zibandakanywe umthethosisekelo ophakanyisiwe we-WUA.
Umthetho Wamanzi Kazwelonke usho zonke izinto okufanele zibhekelwe kumthethosisekelo we-WUA. Umthetho (Isheduli 5) nawo ubandakanya umthethosisekelo oyisibonelo ongasetshenziswa njengesisekelo sokwenza uhlaka lomthethosisekelo.
Yize uhlaka lomthethosisekelo we-WUA ungabandakanya imisebenzi eminingana ku-WUA, lokhu akusho ukuthi i-WUA izovele ibe nayo yonke le misebenzi lapho seyenziwe.
Labo abafaka isicelo sokwenza i-WUA kufanele, njengengxenye yenqubo yokwenza, bafake izicelo ngokusemthethweni ukuze bathunyelwe ku-WUA. Lokhu kungenziwa encwadini ehambisana nesiphakamiso lapho sesihanjiswa.
Ungqongqoshe angafuna ukuthi kuhlinzekwe ngezinye izinto kumthethosisekelo we-WUA. Lezi zinto okuhlinzekwe ngazo kufanele zamukelwe ngamalungu enhlangano bese zivunywa uNgqongqoshe ngaphambi kokuba i-WUA isebenzise noma yimaphi amandla noma yenze imisebenzi.
ngokuchaza indawo yokusebenzela ngokusho isimo nobungako bamanzi okufanele alawulwe, kanye namandla nemisebenzi ezodinga ukuthi iyiswe ku-WUA.
Emiphakathini engenalo ikhono lokuhlela kanye nokwenza amalungiselelo adingekayo enhlangano. Ikakhulukazi, kungenzeka kunikezelwe ngosizo lapho intuthuko kufanele ikhuthazwe khona ngokwenza i-WUA (njengokwenziwa kwabalimi abasafufusa).
Onke amabhodi okunisela kanye nawamanzi ahamba ngaphansi komhlaba ayekhona ngaphambi kokuqala komthetho kufanele aguqulelwa kuma-WUA. Amabhodi athile amanzi enziwa ngokoMthetho Wamanzi ngenhloso yokunisela isitokwe nawo azoguqulelwa kuma-WUA.
Kahle hle ukuguqulwa kwamabhodi amanzi kusho ukuthi kufanele enze kabusha izindawo zawo zokusebenzela kanye nohlelo lokuphatha ukuze ameleleke kahle ngokwehlukahlukana kwabantu abakuleyo ndawo, ngokobuhlanga nangokobulili.
INingizimu Afrika inomlando wokuthola izinsizasidingo ngokungalingani. Uguquko ngenye yezindlela zokuthola ukulingana. Ungqongqoshe ukhiphe iziqondiso ngokwakhiwa kwekomiti lokuphatha lebhodi yokunisela esiguqukile.
Kubalulekile ukuthi i-WUA ikwazi ukuzixhasa ngezimali ngokwayo ukuze iphile. Ukwenziwa kwe-WUA kungenzeka kuphela uma ngabe amalungu ekwazi ukukhokha izimali zokwenza umsebenzi we-WUA kanjalo nezindleko zokusebenza nokunakekela noma yimiphi imisebenzi emikhulu ephathelene ne-WUA. Ngakho-ke i-WUA ijwayele ukuxhaswa ngezimali ezihlawuliswa amalungu ezibizwa ngokuthi "inhlawulo yokusebenzisa amanzi".
Eminye imithombo ehlangabezana nezidingo zomthetho enjengezinhlelo zosizo kanye noxhaso ngezimali oluvela kubaxhasi.
I-WUA ingahlola imali ekhokhwayo njalo ngonyaka kumalungu ayo uma umthethosisekelo wayo ukuhlinzekela lokhu. Le mali ekhokhwayo kufanele ihambisane nesu lamanani entengo lokusebenzisa amanzi elashiwo nguNgqongqoshe.
UNgqongqoshe kungenzeka anikezele ngosizo lwezimali ku-WUA ngenhloso yokuzuza izinhloso zoMthetho Wezamanzi Kazwelonke (kuya ngezimiso zomthetho ezenziwe ngaphansi koMthetho).
Umnyango wenze inqubomgomo yokunikezela ngosizo emaqenjini akhona noma amasha abaniseli ababencishwe amathuba ngokomlando abangamalungu e-WUA.
Isidingo sokuvikela izinsizasidingo zamanzi.
Umthethosisekelo we-WUA kufanele uhlinzekele ukuqokwa kweKomiti Eliphethe kanjalo noSihlalo kanye neSekela likaSihlalo.
Ukuvimbela amanzi kunoma iyiphi insizasidingo yamanzi ekumosekeni.
Ukuvimbela noma yikuphi ukusebenzisa amanzi okungekho emthethweni.
Ukususa noma ukuhlela ukususa noma yisiphi isithiyo esibekwe emthonjeni wamanzi esingekho emthethweni.
Ukuvimbela noma yisiphi isenzo esingekho emthethweni esingahle sinciphise izinga lamanzi kunoma iyiphi insizasidingo yamanzi.
Ukulawula ngokwejwayelekile izinsizasidingo zamanzi.
ukunciphisa ingozi yokulimala emhlabeni uma kunezikhukhula; kanye ukuguqulela umthombo wamanzi esimeni sawo sangaphambilini lapho siguqulwe khona yizimo semvelo.
izikhathi lapho; kanye izindawo lapho amanzi angasetshenziswa khona yinoma yimuphi umuntu onelungelo lokusebenzisa amanzi avela kuzinsizasidingo zamanzi.
ekudonseni amanzi emhlabeni; kanye nokuhambisa amanzi okunisela emhlabeni noma ezinye izinhloso.
zokukala nokuhlukanisa; noma ukulawula ukuphuma emngceleni kokugobhoza kwamanzi.
Ama-WUA anganikezwa amandla nemisebenzi eyengeziwe ngu-CMA noma uNgqongqoshe.
I-WUA kufanele inxeshezelwe ngezindleko ezithwalwe ngenxa yamandla nemisebenzi ethunywe yona eyengeziwe.
Yini ubuhle bokwenza i-WUA kubasebenzisi?
Esimeni sezinhlelo zokunisela kubalimi abathengisayo noma abasafufusa, ukwenza i-WUA kwenza ukuthi kwenzeke ukwenza imisebenzi ehlanganyelwe ezingeni lomnotho amalungu abelana ngalo. Ukuthuthukiswa kwemisbenzi emincane ngayodwa ngokuvamile akwenzeki ngokwezezimali.
Esimeni sama-WUA eyenzelwe ukulawula ukusetshenziselwa kokuzithokozisa, inzuzo ukuthi inhlangano eyodwa iba nomsebenzi wokubhekana nokusetshenziswa kwensizasidingo yamanzi ezithile ngezinhloso zokuzithokozisa. Lokhu kuvumela i-WUA ukuthi yenze ukuxhumanisa okudingekayo kanye nokulinganisa izimfuno zabasebenzisi abehlukene ukuze kugwenywe ingxabano. Uma iqembu lifuna ukwenza i-WSA ngokusetshenziswa kwamanzi okuthile, kufanele baqale bathole ukuthi i-WUA izoletha ubuhle obanele yini kumalungu. Ubulungu be-WUA ngobokuzithandela, uma i-WUA ingahlinzeki ngezinzuzo ezidingekayo, angekle ikwazi ukugcina amalungu ayo (ngokwazi ukuthi kungasebenza imithetho).
UNgqongqoshe, emva kokubonisana nenhlangano yabasebenzisi bamanzi, angayalela ukuthi umuntu makemukelwe njengelungu lenhlangano ngemithetho eqotho nelungile.
UNgqongqoshe angalimisa ihhovisi lelungu lekomiti lokuphatha ngokukhipha isaziso ku-WUA kanye nelungu elithintekayo. Ezimeni ezinjalo uNgqongqoshe angahlela ukuthi isikhala ekomitini lokuphatha sigcwaliswe.
Uma i-WUA yehluleka ukuhambisana nomyalelo, uNgqongqoshe angayithatha imisebenzi yayo ize ihambisane nomyalelo wakhe i-WUA. UNgqongqoshe angabuyisa zonke izindleko ezenzeke ngesikhathi sokuthatha umsebenzi noma imisebenzi isikhathi kusukela ku-WUA.
uma uNgqongqoshe ethatha amandla noma umsebenzi wenhlangano ngenxa yokungavumelani emalungwini ekomiti eliphethe noma amalungu alo; noma uma inhlangano ingasasebenzi noma ingasasebenzi ngempumelelo.
nasemva kokucabanga ngayo yonke imibiko etholakele.
Ama-CMA abhekene nomsebenzi wokuphatha izinsizasidingo zamanzi endaweni yokulawula amanzi yonke.
I-CMA ineBhodi Ephethe enabameleli ababambe iqhaza endaweni yokulawula amanzi yonke.
ICMA izolungisa iSu Lokuphatha Izizalo Zemifula ukuze ibhekele izindaba zezinsizasidingo zamanzi kuyo yonke indawo yokulawula amanzi.
Isu le-CMA Lokuphatha Izizalo zemifula lizohlinzeka ngeziqondiso kuNgqongqoshe ngokuthi ingabe ama-WUA athile kufanele yini enziwe nokuthi yimiphi imisebenzi okufanele agunyazwe ukuthi ayenze endaweni yokulawula amanzi.
I-WUA ngokuvamile izoba nothando olugxile endaweni esekhaya.
I-WUA imele izimfuno ezincane kabi, kaningi ingxenye yabasebenzisi bamanzi abasendaweni ethile.
Amanye ama-WUA angamelwa kuBhodi Yokulawula Ama-CMA nasemaKomitini Okuphatha Izizalo Zemifula.
Ama-WUA ahlinzeka ngohlelo lwesikhungo okungasetshenziswa ngalo iSu Lokuphatha Isizalo Somfula ezingeni lasekhaya.
